
Kushone izingane zesikole ezingu-11 engozini enyantisa igazi eVaal namuhla ekuseni.
Lezi zingane bezilibangise esikoleni ngesikhathi kwenzeka ingozi emgwaqweni omncane eduze kwaseVanderbijlpark, okuwumgqaqo owaziwa kakhulu ngamaloli ashayelwa budedengu.
OLUNYE UDABA: Izingozi eziningi emgaqweni ‘eshelelayo’ yase-KZN
Kubikwa ukuthi kuphuthunyiswe izingane ezinhlanu esibhedlela ngenxa yokulimala kanzima.
Abezimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko njengamanje.
UNgqongqoshe wezeMfundo waseGauteng uMatome Chiloane kulindeleke ukuthi ahambele endaweni yesehlakalo.
Lolu udaba oluqhubekayo.
