Umndeni womunye wamaphoyisa amathathu atholwa eseshonile usafuna izimpendulo

Umndeni womunye wamaphoyisa izidumbu zawo ezatholwa emfuleni iHennops eCenturion, eGauteng, uthi usafuna izimpendulo.

Izidumbu zoConstable Boipelo Senoge, Keamogetswe Buys kanye noCebekhulu Linda zitholwe ngesonto eledlule.

Umndeni wakwaLinda uthi nakuba ukholwa wukuthi kube yingozi kodwa kubalulekile ukuqonda ukuthi yini eholele kuyo.

OLUNYE UDABA: Sekutholwe ingxenye yengemuva ye-VW Polo yamaphoyisa emfuleni iHennops

Okhulumela umndeni uSipho Linda uthi, “Sisenemibuzo ngoba ekuqaleni, lokhu kwabikwa njengokuduna noma ukuthumba. Sabe sesitshelwa ukuthi “cha, yingozi.

“Indlela eyenzeke ngayo ingozi, sikholwa wukuthi kube yingozi. Kodwa okuholele engozini, yilokho esifuna ukukwazi. Ngoba ngokuyazi indodana yami, yayiqaphe kakhulu. Ngisho ukuthi ubengeke ashayele esuka eBloemfontein uma ebebudedengu. Futhi kungani eshayela ngakwesokunxele?”

Khonamanjalo, kubanjwe inkonzo yesikhumbuzo yalamaphoyisa amathathu eBobbies Park eBloemfontein namuhla.

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFannie Masemola kanye noNdunankulu waseFree State uMaqueen Letsoha-Mathae kulindeleke ukuthi bahambele inkonzo.

SABC

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *