
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal agxume ahlala kulandela ukusabalala kombhalo osenkundleni yezokuxhumana ngowesifazane osole amaphoyisa ngokungalusukumeli udaba ayelubika kuwo lokuhlaselwa yisoka lakhe ngenhloso yokulimaza esiteshini samaphoyisa saseMlazi ngoLwesihlanu, lwangomhlaka-9 January 2026.
Kulandela amahora angu-48 icala libikiwe, amaphoyisa namuhla, abophe umsolwa oneminyaka engu-24 ubudala mayelana nezinsolo zokushaya intombi yakhe eneminyaka engu-31 ubudala kanye nokulimaza imoto yayo ngesikhathi sesigameko esihlobene nodlame lwasekhaya esigcemeni sakwa-V eMlazi ngoLwesihlanu.
OLUNYE UDABA: Kuyaphenywa ngezithandani ezitholwe zishonile ziseholidini eMargate
Kubikwa ukuthi umsolwa wabizela isisulu endlini yakhe ukuzolanda izimpahla zaso, kuthe masifika isisulu umsolwa kuthiwa wasishaya ngepayipi, wasiluma ngamazinyo, waphinde wasishaya ngezandla.
Kubikwa ukuthi isisulu sigijime sabuyela emotweni yaso kanti umsolwa uyasilandela wafike walimaza i-windscreen yangemuva yemoto.
Uphenyo lwamaphoyisa luphinde lweveza nokuthi isisulu njengamanje sisesibhedlela ngenxa yamanxeba okusha okuthiwa siwathole ngesikhathi sishisa imoto yesoka laso, yasha yaba wumlotha. Uma isisulu sesiphumile esibhedlela, sizobhekana namacala okulwa nokuhlasela kanye nokulimaza impahla.
Kubikwa ukuthi lezi zithandanai zivamile ukuvulelana amacala. Lawo macala asahlala enkantolo kanti futhi ayengesiyo imiphumela yodlame lwasekhaya.
Amaphoyisa akhuthaza izithandani noma abantu abanobudlelwano obuthile ukuba baxazulule ukungezwani kwabo ngokuthula noma bathole usizo kubantu ababathembayo ukuze bangasebenzisi ubudlova.
Umsolwa oboshiwe kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze.
