
INkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla ihlele ukulalela isicelo sebheyili sendoda esolwa ngokubulala usaziwayo wakuleli uWarras Stock obaziwa ngelikaDJ Warras.
UVictor Majola, 44, waboshelwa ukubulawa kukaDJ Warras ngaphandle kwebhilidi elisenkabeni yedolobha laseGoli ngomhlaka-16 December.
UMjola wagcina ukuvela enkantolo ngohlaka-24 December kodwa icala lakhe lahlehliswa ukuze iNational Prosecuting Authority (NPA) ikwazi ukuqinisekisa ikheli lakhe.
OLUNYE UDABA: Osolwa ngokubulala uDJ Warras uzowudlela esitokisini uNcibijane
Amacala abekwe umsolwa wesibili, ongowesifazane owaboshwa kanye noMajola ehostela eSoweto ahoxiswa ngenxa yokuntula kobufakazi.
INPA isikuqinisekisile ukuthi izosiphikisa isicelo sebheyili, ibuka ubucayi becala.
UMajola uthi washaywa ngamaphoyisa ngesikhathi eboshwa.
