
Kulindeleke ukuba kwehle intengo kaphethiloli kuleli sonto, njengoba ukuqina kwerandi kanye nentengo ephansi kawoyela wamazwe ngamazwe kuholele ekwehleni okukhulu kukaphethiloli nodizili.
Intengo kaphethiloli i-93 Unleaded izokwehla ngamasenti angu-62 ilitha kanti i-95 Unleaded yona izokwehla ngamasenti angu-66 ilitha.
OLUNYE UDABA: Kuzonyuka kancane uphethiloli, kwehle udizili ngo-October
Intengo kadizili yona izokwehla phakathi kuka-R1. 37 no-R1.48 ilitha.
Uphalafini wona uzokwehla ngo-R1.48 ilitha.
Ilitha ye-95 Unleaded kulindeleke ukuthi ibize u-R19.92 ogwini kusukela ngoLwesithathu, okuyibeka ngaphansi kuka-R20 okokuqala ngqa cishe eminyakeni emine.
