UMengameli Ramaphosa usewutholile umbiko weKhimishana kaMadlanga

UMengameli uCyril Ramaphosa, uthole umbiko wakamuva weKhomishana kaMadlanga ephenya ngobugebengu, ukugxambukela kwezepolitiki neNkohlakalo oHlelweni Lobulungiswa Bobugebengu.

Lo mbiko uMengameli uwuthole ngoLwesithathu lwangomhlaka-17 December.

UMengameli uRamaphosa wasungula iKhomishana, eholwa yiJaji leNkantolo yoMthethosisekelo eselithathe umhlalaphansi uMbuyiseli Madlanga, ngoJuly 2025.

OLUNYE UDABA: UMchunu utshele iKhomishana kaMadlanga ukuthi i-PKTT yase isifike ekupheleni kwesikhathi sayo

URamaphosa uzofunda umbiko ngesikhathi iKhomishana, esathathe ikhefu, ilungiselela ukuzwa ubufakazi obengeziwe obuvela kofakazi abasha noma abantu abake bafakaza ngaphambilini.

URamaphosa uzwakalise ukubonga ngombiko kanye nokulindela kwakhe ukuthi iKhomishana, njengengxenye yemigomo yayo, izobhekisa izenzo ezicabangelwa ukuthi ziyizenzo zobugebengu ukuze kushushiswe abephula umthetho.