
Isikhungo esibhekelela izinhlekele esifundazweni sakwaZulu-Natal siqinisekisile ukuthi amathimba ezimo eziphuthumayo ajutshwe ngokushesha endaweni yesehlakalo lapho kudilike khona isakhiwo eRedcliffe, enyakatho yeTheku.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi isakhiwo esinezitezi ezine esakhiwayo siwile, kwavaleleka abasebenzi abaningana ababesendaweni ngesikhathi sesigameko.
Njengamanje amathimba ezimo eziphuthumayo ahlukene amatasa kule ndawo ukulekelela abalimele nokutakula abavaleleke ngaphakathi.
OLUNYE UDABA: Kungqongqe ibhilidi lefemu esenkabeni yedolobha
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana noMdabu Kwazulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uzwakalise ukukhathazeka ngalesi sehlakalo wancoma abosizo lokuqala ngokusheshe bafike endaweni yesigameko.
Amalungu omphakathi anxuswa ukuba akugweme ukuya endaweni yesigameko ukuze avumele amathimba ezimo eziphuthumayo ukuthi enze imisebenzi yawo ngaphandle kokuphazamiseka.
Izithombe:






