
ITshatha Ngobe Foundation yethule iTshatha Music Festival 2025 okungumcimbi omangalisayo wamasiko, ukuzijabulisa ukugubha umculo, amagugu kanye nobumbano, ngoLwesibili.
Ngesikhathi kwethulwa lo mcimbi ozobanjelwa eLindizwe Stadium KwaNongoma ngomhlaka-29 December 2025 kugqame ukuthi indawo yakwaNongoma yaziwa kakhulu ngesihlava sezimpi zezigodi lapho kudutshulwana khona kuchitheke igazi ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka nokuyinto okubukeka sengathi isiphelile.
UTshatha uthi babone ukuthi mabenze into ezojabulisa abantu ibuyise nobumbano ngesikhathi bebuyile emakhaya bephuma ezidaweni ezahlukene zokusebenza ngesikhathi samaholidi kakhisimusi kube nombhiyozo omkhulu endaweni yaKwaNongoma ukwakha ubumbano nokuzwana kwabantu.
OLUNYE UDABA: Kumenyezelwe abazonandisa emcimbini wePhinifa On Fleek
Lo mcimbi owaqala ngonyaka ka-2021 wabe usuba nezinjgqinamba kudalulwe ukuthi usuzoba minyaka yonke ngaphandle kokuphazamiseka.
ITshatha Ngobe Foundation isungulwe ngenxa yokuthi isimo sokuphila sasemakhaya sinzima kakhulu asifani nesasemadolobheni.
Le nhlangano ilekelela kwizimo eziningi okubalwa kuzo intsha engakwazi ukuqhubeka nezifundo zazo ngenxa yesimo somnotho.
UTshatha ubalule inselela enkulu abanayo uma kuza ezinkundleni zezemidlalo ezindaweni zasemakhaya ikakhulu kazi KwaNongoma nanethemba lokuthi uhulumeni omkhulu engakwazi ukungenelela ekutheni iLindizwe Stadium ibekwe ezingeni eliyifanele kuphinde kulungiswe nemigwaqo esawubhuqu namanje.
Kulo mcimbi kuzobe kunamaciko ehlukene kanjalo nemincintiswano eyahlukene enemiklomelo engashintsha impilo zabantu.
Amathikithi aseyatholakala eShoprite – CompuTicket, PicknPay – Webticket nakwaSpar – Ticketpro kanti okwamanje aqala ku-R100 (Early Bird – first 600 people), R150 (General – after early bird), R200 (esangweni).
