Seluqalile uphenyo ngabatholwe beyizidumbu emotweni eshile eNanda

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya amacala amane okubulala kulandela ukushona kwabantu abane abatholakala ezimotweni ezimbili ezishile endaweni yase-Umatata eNanda ngoMgqibelo, ngomhlaka-15 kuNovember 2025.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Robert Netshiunda uthe izisulu zitholakale ngoMgqibelo, wangomhlaka-15 kuNovember 2025.

“Amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko lapho bekushe khona izimoto ezimbili, afika athola isidumbu esisodwa ebesishe sangqongqa singasabonakali kahle ngaphakathi kweNissan NP200, kanti ezinye izidumbu ezintathu zitholakale ngaphakathi kwemoto yohlob lwe-Toyota Rumion, nazo zishile,” kusho uNetshiunda.

OLUNYE UDABA: Sekuqalile ukuthungathwa kwabasolwa abadubule 7 babulala 2 eWentworth

UNetshiunda wengeze ngokuthi amaphoyisa athola nezinkomo ezintathu zifile eduze kwemoto yohlobo lwe-NP200.

“Isizathu sokubulawa kwabantu asikaziwa okwamanje; kodwa, amaphoyisa asola ukuthi lesi sigameko singase sihlobane nokwebiwa kwemfuyo,” kusho yena.

UNetshiunda uthe inqubo yokuhlonza izisulu iyaqhubeka kanjalo nokuthungathwa kwabasolwa kuyaqhubeka.