Sibhekwe ngabomvu isabelomali sikaGondongwana namuhla

UNgqongqoshe WezeziMali u-Enoch Godongwana uzokwethula iSitatimende Senqubomgomo Yesabelomali Sesikhathi Esimaphakathi phecelezi i-Medium Budget Policy Statement (i-MTBPS) namuhla njengoba kunezicelo zokushintsha imithetho ye-Value-Added Tax (VAT) ezweni.

OLUNYE UDABA: Budget 3.0: UGodongwana wethule isabelomali ngaphandle kokunyusa iVAT

UNgqongqoshe uthi uzizwa ekahle njengoba ezokwethula isabelomali esibuyekeziwe.

Wonke amehlo athe njo kumnyango wezezimali ukuzwa ukuthi uhlele kanjani ukuvala igebe ngaphandle kokulimaza umnotho.

Amaqembu ezepolitiki acele uhulumeni ukuthi asebenzise i-MTBPS elindeleke namuhla ukubhekana nokuntuleka kwemisebenzi, ukuvikela izinsizakalo ezibalulekile, kanye nokukhuthaza ukukhula komnotho.