IZITHOMBE: Kuboshwe owesilisa ngokubulala ‘udadewabo’ KwaMashu

Amaphoyisa agaxe ozankosi indoda okukholakala ukuthi ingumzala wowesifazane owabulawa KwaMashu, enyakatho yeTheku.

Isidumbu sowesifazane esishisiwe sitholakale endlini osesigcemeni sakwa-K KwaMashu ngoLwesine ngemuva kokushiswa kwendawo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uRobert Netshiunda uthi amaphoyisa athole lokhu ngesikhathi abezicishamlilo becisha umlilo.

OLUNYE UDABA: Utalajwe yiqulu labantu owesifazane ‘obulale umama nendodana’ esigamekweni sokuphanga

Uthi uphenyo lubaholele kumsolwa okuyena owagcina ukubonakala ephuma endlini vutha ilangabi.

“Ukusesha esakhiweni esingaphandle kuholele ekutholakaleni kwekhanda lowesifazane ngaphakathi ebhakedeni. Isizathu sokubulala asikaziwa okwamanje futhi sizovela enkantolo maduze.”

IZITHOMBE: KwaMashuLocalNews

Newswatch