Kuncume i-AfriForum uMalema elahlwa yicala

UMholi we-EFF uJulius Malema utholwe enecala kuwo wonke amacala akhe eNkantolo yeMantshi yase-East London, e-Eastern Cape namuhla.

Icala lihoxile kulowo asolwa naye, nowayengunogada u-Adriaan Snyman.

IMantshi uTwanet Olivier ikhiphe isinqumo eNkantolo eNkulu yase-East London ngoLwesithathu ekuseni.

Ukugwetshwa kwakhe kulindeleke ukuba kuqale ngomhlaka-23 January 2026.

OLUNYE UDABA: UMalema unqabe ukuqokwa njengoSihlalo wekomidi lesikhashana eliphenya ngokushiwo nguMkhwanazi

Bobabili, uMalema noSnyman babhekene namacala amaningi, okubalwa kuwo ukuqhumisa isibhamu esidlangalaleni, nokuyinto ephambene nomthetho i-Firearms Control Act.

Lesigameko senzeka ngo-2018 eMdatsane khona e-Eastern Cape ngesikhathi i-EFF igubha iminyaka emihlanu yasungulwa.

bethi lesibhamu sasiyithoyizi ngakho sasingeke silimaze muntu kodwa umbuso wakuphikisa lokho ngokuthi ngesangempela

Inhlangano yamabhunu, i-AfriForum, okuyiyo ummangali kuleli cala, ithakasele isinqumo senkantolo.

“Ubufakazi buveze ukuthi uMalema wenze amacala amaningi abucayi ngaphansi komthetho iFirearms Control Act, kanti lesi sinqumo siyaqinisekisa ukuthi labo abacabanga ukuthi abathinteki bazogcina bethweswe icala, noma ngabe kuthatha isikhathi esingakanani,” kusho uJacques Broodryk wale nhlangano.