Udilikajele kowabanjwa oqotsheni edlwengula indodakazi yakhe

INkantolo yeSifunda Esikhawini igwebe indoda eneminyaka engu-35 ubudala udilikajele ngemuva kokuhlambuluka ngokuka-Section 112 Plea, ivuma icala lokudlwengula indodakazi yayo eneminyaka ewu-11 ngoJanuary 2025 eMthunzini.

Ummangalelwa ehlambuluka uthe ngomhlaka-01 January 2025, wayesekhaya nomndeni wakhe nayo indodakazi yayikhona.

Uthe yena wabe eseyibizela ekamelweni wayidlwengula. Udadewabo kammangalelwa wangena wafica ummangalelwa egila lo mkhuba wakhuza wababaza ebuza ukuthi kwenzekani. Udadewabo kammangalelwa wathatha isisulu esasikhala.

OLUNYE UDABA: Igwetshwe udilikajele indoda yaseThekwini ngelokudlwengula indodakazi ye-ex

Ngokwesitatimende se-NPA, kwabizwa amaphoyisa ambopha ummangalelwa. Isisulu sayiswa eThuthuzela Care Centre (TCC) eNgwelezane sayonakekelwa khona.

UMshushisi uKamogelo Nkwatle wethule isitatimende sesisulu seluswe wuNtombi Chonco oyi-Court Preparation Officer.

Isisulu sithe silimele enyameni, emphefumulweni nasengqondweni. Sithe asisaqhubi kahle esikoleni futhi sesihlala sesaba.

Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele futhi inkantolo inqume ukuthi akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe kufanele lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

I-National Prosecuting Authority iyakwemukela ukuphothulwa kodaba. Sizimisele ukulwela izisulu eziyizingane zithole ubulungiswa. Sizoqhubeka sivikele amalungelo nesithunzi sezingane.