
I-KZN iqophe isibalo esiphezulu samacala othisha abandakanya ucansi.
I-Education Labour Relations Council ithi isisingathe amacala angu-114 kuleli ngonyaka wezimali odlule kanti angu-32 ngaphezu konyaka odlule.
Amacala angu-25 awaseKZN, kulandele i-Eastern Cape ngawu-20 kanye neGauteng ngawu-18.
OLUNYE UDABA: Bangu-39 othisha abalahlwe amacala okunukubeza abafundi ngokocansi ezweni lonke
IMenenja yalo mkhandlu eKZN, uMthobisi Mncwabe uthe ukwenyuka kwemibiko kukhathaza kakhulu.
Khonamanjalo uMnyango wezeMfundo eKZN ngoLwesithathu unxuse ukuthi kuphenywe ngothisha besilisa ababili abasolwa ngokunukubeza abafundi bamantombazane esikoleni sasePinetown.
Ithi isigungu esilawula isikole eThubalethu Secondary School sihlulekile wukwenza lokhu ngemuva kokubikwa kwelunga lomphakathi.
