
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, usenxuse ukuba kuqedwe ngezinkoleloze eziyingozi ngabantu abaphila nebala elimhlophe i-albinism.
UNytuli ubekhuluma eMfolozi enyakatho neKZN ngoLwesibili.
UNdunankulu unxuse umphakathi nabanye ukuthi uphikise noma uukhohlwe yizinkolelo ezithile ezilimazayo ezimayelana nengcebo ehlobene nokucwiywa kwezitho zemizimba yabantu abane-albinism.
OLUNYE UDABA: UNdunankulu uqinisekise ukudlula emhlabeni kwabantu kulandela isiphepho eThekwini
UNtuli ukugcizelele ukuthi abantu abane-albinism nabo bafanelwe amalungelo, ukuphepha nesithunzi esifanayo nabo bonke abantu.
“ Le yinyanga yokubungaza abantu abaphila ne-albinism nabo bangabantu abafana nathi. Konke kuyafana ngaphandle kwebala.Ngakho ukubabulala ngeke kukunike ingcebo futhi angeke kukunikeze inhlanhla.”
INingizimu Afrika igubha Inyanga Yokuqwashisa Nge-Albinism ngoSeptember.
