
UVusimuzi ‘Cat’ Matlala osolwa ngokuba ngungqondongqondo ebugebengwini ubuyele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra njengoba elwela inkululeko yakhe.
Lo somabhizinisi wamathenda uzovela eyedwa enkantolo njengoba ezofaka isicelo sebheyili, kanti asolwa nabo bazomjoyina ngenyanga ezayo.
UMatlala, unkosikazi wakhe kanye nabasolwa ababili abasolwa ngokwakha uzungu lokubulala owayeyintombi yakhe uTebogo Thobejane ngo-2023.
OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo uVusimuzi ‘Cat’ Matlala namuhla
Laba babhekene namacala okuzama ukubulala, ukwakha itulo lokubulala kanye nokushushumbisa imali.
UMatlala naye uyathinteka enkohlakalweni esezingeni eliphezulu emaphoyiseni, edalulwe nguKhomishana wamaPhoyisa eKZN, uNhlanhla Mkhwanazi.
