
Namuhla eNingizimu Africa wuSuku Lwamalungelo Abantu, okuwusuku olugujwa minyaka yonke ngomhlaka-21 March lapho kusuke kukhunjulwa isibhicongo saseSharpevillekanti futhi sihlonipha labo abalwela inkululeko kanye namalungelo esiwajabulelayo namuhla. Usuku lokuzindla ngomzabalazo wokulingana nokubaluleka kokuvikela amalungelo abantu.
Ngalolu suku kwashona abantu abangu-69, kwathi abangu-180 balimala ngesikhathi amaphoyisa edubula esixukwini esasinokuthula esasibuthene siphikisana nemithetho yamapasi.
Namuhla lolu usuku luka-21 March 1960 lubungazwa ngokuthi wusuku lwamalungelo abantu, phecelezi i-Human Rights Day.
Ngokuvamile lolu Suku Lwamalungelo Abantu lugujwa ngemicimbi, izinkulumo, kanye nemisebenzi ekhuthaza ukuqwashisa ngamalungelo abantu nokwenza noma yini ehambisana nalolu suku.
OLUNYE UDABA:Lihlehlile icala lokususa uthuthuva likaDuduzile Zuma-Sambudla
Lawa ngamanye amalungelo esinawo kwamaningi:
Ukulingana – wonke umuntu uyalingana phambi komthetho futhi unelungelo lokuvikelwa ngokulinganayo kanye nokuhlomula komthetho.
Isithunzi somuntu – wonke umuntu unesithunzi esizalwa naye futhi isithunzi sakhe siyahlonishwa futhi sivikelwe.
Inkululeko yokuhamba nokuhlala – wonke umuntu unelungelo lenkululeko yokuhamba nokuhlala noma yikuphi ezweni.
Ulimi namasiko – wonke umuntu unelungelo lokusebenzisa ulimi nokubamba iqhaza empilweni yamasiko azikhethele wona.
Impilo – wonke umuntu unelungelo lokuphila.
2025 Human Rights Day Theme: “Deepening a Culture of Social Justice and Human Rights“
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
