Kushone izingane ezimbili kwalimala nowesifazane ozithwele engozini eyenzeke ku-N2

Kushone izingane ezimbili kwathi umama wazo ozithwele walimala kanzima engozini eyenzeke eduzane naseMatikulu ogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natal.

Ngesikhathi kufika abosizo lokuqala kutholakale ukuthi owesifazane ozithwele namadodana ache amabili bashayiswe yimoto ngesikhathi behamba ngezinyawo belibangise ekhaya.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu ababili kwalimala inqwaba ezingozini ezahlukene eKZN

Ngeshwa abafana bobabili oneminyaka eyisithupha ubudala noneminyaka enyishumi ubudala bahlonzwe njengabashonile ngenxa yamanxeba abawathole kule ngozi.

Umama wabo kubikwa ukuthi usesimeni esibucayi esibhedlela kulandela ukuxilongwa ngabe-IPSS Medical Rescue Advanced Life Support.

IPSS

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)