UMantashe usabela impilo yakhe kulandela izinsolo zokweba u-R40 million

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi ne-Petroleum, uGwede Mantashe, wesabela ukuphepha kwakhe nomndeni wakhe kulandela ukuthola izinsongo ezivela kubantu abakholwa yizinsolo zaloyo ozibiza ngesishoshovu samalungelo ezimayini, uZakhele Zuma, zokuthi weba umali engu-R40 million yabasebenzi basezimayini.

UMantashe, onguSihlalo kazwelonke we-ANC, udalule lokhu esicelweni esiphuthumayo asifake eNkantolo eNkulu yaseGoli sokuthi ikhiphe umyalelo wokuthi uZuma angakwazi ukumbeka icala.

“Ngiyesaba ngenxa ngabantu abakholwa ngamanga abhebhezelwa nguZuma, njengoba bekholwa wukuthi ngithathe imali yabo.

OLUNYE UDABA: #JusticeforCwecwe: I-MK ifuna uNgqongqoshe wamaPhoyisa esule esikhundleni sakhe ngokudukisa abantu

“Lezi zitatimende kuhloswe ngazo ukuthi ziqonde, futhi labo abazizwayo noma abazifundayo baqonde ukuthi ngithole u-R40 000 000, okungowabasebenzi basezimayini, ngase ngazigcinela wona.

“Akukhona nje ukuthi lezi zinsolo zingamampunge, kodwa zibuye zibeke mina nomndeni wami engozini ngoba ngihlala eduze nemiphakathi yasezimayini, futhi ngixhumana nayo ngaso sonke isikhathi.

“Njengongqongqoshe womunye weminyango ebaluleke kakhulu, lezi zinsolo ezingamanga nezihlambalazayo zidale isimo esibi nezinga lokungathembani phakathi kwezikhulu nabathintekayo,” usho kanje.

UMantashe uphinde wathi uyahlukunyezwa futhi uthukwa, uthola namazwi agcwele inzondo kanti nomndeni wakhe uthathwa njengohlomulayo kule mali ayithola ngokungafanele.

“Umndeni wami nawo uthwele kanzima ngenxa yalezi zinsolo njengoba uthathwa njengabantu abahlomula ngemali okuthiwa yebiwe. Lezi zinsolo zinomthelela nasemsebenzini wami.”

SundayWorld

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)