Igixabezwe ngodilikajele indoda eyadlwengula intombazane, 6

Isiqalile indoda yaseNewcastle ukudonsa isigwebo sayo sikadilikajele secala lokunukubeza ingane yakwamakhelwane eneminyaka eyisithupha ubudala ngokocansi.

NgoMsombuluko, le ndoda eneminyaka engu-58 ubudala igwetshwe enkantolo iMadadeni Reional ngesigameko esenzeka Osizweni ngo-October 2018.

Kukholakala ukuthi intombazanyana yayiyodlala nabangani bayo ngesikhathi le ndoda iyibizela ukuyithum,a igwayi.

OLUNYE UDABA: Siyanda isibalo sabantu abatheleleka ngesifo samatele eKZN

Le ndoda yabe isibamba le ngane yayidonsela endlini yayidlwengula. Le ndoda yabe isiyisabisa ingane yathi ingabikeli muntu.

Le ndoda yaboshwa ngemuva  kokuba ugogo wengane ebone ushintsho ekuziphatheni kwengane wabe eseyiphuthumisa emtholampilo l;apho okwaqinisekiswa khona ukuthi yadlwengulwa.

Okhulumela i-NPA uNatasha Ramkisson-Kara uthe kuvele enkantolo ukuthi isigameko sathikameza ingane esikoleni, ngokomoya nangokomzimba.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *