UMalema utshele uRamaphosa ukuthi akaxoshe uMchunu

“Akaxoshwe ngokukhulu ukushesha uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu.”

Lona ngumyalezo othunyelwa ngumholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema kuMengameli Cyril Ramaphosa kulandela izinsolo ezenziwe nguKhomishana wamaphoyisa waKwaZulu-Natal uLt General Mkhwanazi zokuthi uMchunu uyamaniswa nobugebengu nokugxambukela kwezobulungiswa.

“UMengameli akaxoshe uMchunu ngokushesha. UMchunu ufike nezinkinga, akamdala emsebenzini, musha kakhulu, kodwa usevele ungcolile,” kusho uMalema.

OLUNYE UDABA: Ingcindezi kuRamaphosa ngaphambi kwenkulumo yakhe ayibhekise esizweni ngeSonto

“Le yindoda eyaya esikhungweni sophiko lwamaphoyisa iyokwenza izinto ezingalungile,” usho kanje etshela abezindaba ngoMgqibelo ekuseni eMpumalanga, eBarberton, enkonzweni yomngcwabo kalowo owayeyiSekela likaMengameli uDavid Mabuza.

UMalema ubephawula ngodaba oselunezinsuku lukhulunywa.

“Uma ufuna abantu bakithi baphinde bawethembe amaphoyisa kuzomele uxoshe izikhulu eziphezulu uqede ukhipha umyalelo. Uma kungujenene abangaziphathe kahle kumele uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke (uFannie Masemola) abasukumele labo jenene bese siqala ukubhekana nobugebengu,” kusho uMalema.

“Indima yamaphoyisa ukubhekana nobugebengu, hhayi ukuhlangana nezigebengu.”

Esithangamini sabezindaba ngeSonto eledlule, uMkhwanazi usole uMchunu ngokugxambukela emsebenzini wamaphoyisa nokuvikela izinhlangano zobugebengu.

Uthe uMchunu wavala ithimba iPolitical Killings Task Team ngoMarch 2025 wahoxisa amadokodo angu-121, amaningi mataniswa nokubulala kwezepolitiki. Selokhu lawo macala amile.

IOL

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)