
Sekuvele enye ingozi KwaZulu-Natal endaweni yaseWaterloo, eVerelum lapho kulimale khona abafundi abangu-27 bephuma esikoleni.
Itekisi abebehamba ngayo liphaphalazile laphuma emgwaqeni.
Kubikwa ukuthi leli tekisi liphelelwe ngamabhuleki.
OLUNYE UDABA: Kusolwa ukuthi kufe amabhuleki engozini yebhasi oThongathi
Leli tekisi beselihambisa izingane emakhaya ziphuma esikoleni.
Abafundi abalimalile baphuthunyiswe esibhedlela.
Osukwini lwanamuhla sekubikwe izingozi ezintathu ezenzeke ezindaweni ezahlukene.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
