
Njengoba izwe lilindele ukuzwa ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa uzothini mayelana nezinsolo zenkohlakalo yamaphoyisa, kunezikhalo zokuthi ihhovisi likamengameli kumele lilusukumele ngokushesha lolu daba.
Isikhulu samaphoyisa eKZN, uNhlanhla Mkhwanazi, uthe kukhona ukugxambukela kwezepolitiki nobugebengu embuthweni wamaphoyisa.
Usola ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu nezinye izikhulu eziphezulu basebenzisa amandla abo ukugxambukela ophenyweni oluseqophelweni eliphezulu.
OLUNYE UDABA: UMengameli Ramaphosa uzokhuluma nesizwe ngodaba lokuphepha kazwelonke
IHhovisi likaMengameli lithi uRamaphosa ubamba izingxoxo futhi uzokhuluma nesizwe ngeSonto.
NgoLwesine, amalungu e-ActionSA atoyitoye ngaphandle kwekomkhulu lamaphoyisa e-KZN, efuna ukuba kuthathwe izinyathelo eziphuthumayo ngale nto ayichaze njengenhlekelele yezwe.
“Ungqongqoshe waqamba amanga phambi kwekomiti lePhalamende,” kusho umholi weqembu eKZN, uZwakele Mncwago.
“Sinobufakazi manje bokuthi ungqongqoshe udukise ikomiti ethi akazi noyedwa wababenecala, manje uyavuma ukuthi lo muntu uyamazi umazi njengeqabane. Kunezizathu ezanele zokuthi umengameli athathele ungqongqoshe izinyathelo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
