
Uphenyo olselunesikhathi lwaqala lwabaseshi boPhiko lokuBula nokuphanga KwaZulu-Natal luholele ekuboshweni kwendoda eneminyaka engu-28 ubudala engeyokufika kuleli ngecala lokubulala abantu abayisithupha abadutshulwa babulawa emijondolo esigcemeni sakwa-V/6 eMlazi ngomhlaka-17 August 2024.
Ngobusuku besegameko, amadoda ayisithupha ayephuza utshwala nabesifazane abathathu ngesikhathi kufika amadoda amabili angaziwa athi afuna ukuthenga ugwayi, kwathiwa awahambe ngoba akekho odayisayo.
OLUNYE UDABA : Basezikhindini abokufika abebephoqa abesifazane ukuziqopha benza ucansi ku-internet
La madoda amabili ahamba, aphinde aabuya ngemuva kwesikhashana abe esetshela abantu besifazane abathathu ukuthi mabalale phansi njengoba ayesedubula izisulu ezingamadoda.
Amadoda ayisithupha adutshulwa ahlonzwa njengashonile khona endaweni yesigameko.
Uphenyo ludalule ukuthi isizathu sokubulawa kwalamadoda bekuwukuziphindiselela.
Kubikwa ukuthi izisulu ezimbili ezazingamaXhosa kusolwa ukuthi zazilwe nabantu baseSwazini abahlala kuyo le ndawo.
UMelusi Dlamini oneminyaka engu-28 ubudala ongowokudabuka eSwazini, waboshwa eKrugersdorp esifundazweni saseGauteng ngoLwesihlanu lwangomhlaka-4 July 2025 kanti ubhekene namacala ayisithupha okubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nokutholakala nezinhlamvu okungekho emthethweni.
UDlamini uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoMsombuluko, 7 July 2025 lapho alaxaze khona ibheyili, icala lakhe lahlehliselwa umhlaka-14 August 2025.
Kusaqhubeka uphenyo lokuthungathwa komsolwa wesibili, kusho isitatimende samaphoyisa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
