
Abafuna umsebenzi bayelulekwa ukuba baqaphele imikhonyovu ye-internet eholela ekushushumbisweni kwabantu.
Lokhu kuza ngemuva kombiko we-Interpol omayelana nokushushumbiswa kwabantu kanye nokuhwebelana kwezikhungo zomkhonyovu emhlabeni jikelele.
Imininingwane yeData ikhombisa ukuthi kusukela ngoMarchkulo nyaka, izisulu ezivela emazweni angu-66 zishushumbiswe ezikhungweni zomkhonyovu eziku-internet.
Iningi ligcina liseNingizimu-mpumalanga ye-Asia, lapho livalelwe khona ngempoqo, nalapho lenziswa khona imikhuba engcolile yokukhwabanisa ngenkani.
OLUNYE UDABA: Abamabhizinisi namaphoyisa benza imizamo yokulwa nobugebengu e-KZN
Kodwa izikhungo manje ziyavela naseMpumalanga emaphakathi neNtshonalanga Afrika.
“ENingizimu Afrika, kubonakala izindlela ezinhlanu abashushumbisi abaheha ngazo izisulu zabo. Indlela yokuqala eyokuthenjiswa imisebenzi engekho. Kunombolo y kanti indlela yesihlanu yileyo yokuthunjwa,” kusho uTershia de Klerk weNational Freedom Network.
“Uma sebekubambile, bayawususa umazisi wakho.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
