
Iqembu leNkatha Freedom Party liqinisekise ukudlula emhlabeni kwelungu layo liphezulu, uKhethamabala Petros Sithole, odutshulwe eKatlehong e-East Rand ngoMgqibelo ebusuku.
USithole usebenze njengelungu leNational Council yeqembu waphinde waba yiphini likaSotswebhu ePhalamende likazwelonke.
Esitatimendeni i-IFP isigameko isibuke njengokususuluzwa ngabantu abangaziwa.
OLUNYE UDABA: UKhongolose udlulise awenduduzo emndenini womlingisi weSidingo:The Need
“Imininingwane ayikacaci kahle okwamanj kanti futhi i-IFP ilindele ukuthi abomthetho bazokwenza konke okusemandleni ukuvalela ejele abenzi bokubi,” kusho leli qembu.
Lo makadebona wezepolitiki, 68, ubekwi-IFP kusukela ebusheni bakhe kanti futhi uke waphatha leli qembu ezikhundleni eziningi zobuholi.
Iqembu lithulele isigqoko uSithole njengomholi ozinikele nonezimiso, limchaza “njengomholi osebenza ngokuzikhandla futhi engumholi wabantu nezwe,” laphinde lathi “i-IFP ilahlekelwe kakhulu namuhla ngokudlula kukaJobe, futhi iNingizimu Afrika ilahlekelwe ngumuntu olungile owasebenzela izwe lakhe ngendlela esezingeni eliphezulu”.
Imbangela yokubulawa kwalo mholi ayikaziwa, kanti uphenyo lusaqhubeka.
I-IFP idlulise amazwi enduduzo emndenini kaSithole.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
