
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uthi kuzokwakhiwa amalebhu amasha e-forensic eGauteng, KwaZulu-Natal, Limpopo, Mpumalanga naseFree State.
Lokhu kuzosiza ukusheshisa ukuhlolwa kwe-DNA futhi kwehlise ukusalela emuva kwe-toxicology.
UMchunu ukhulume kanje ngoLwesihlanu ngesikhathi ekhipha izibalo zakamuva zobugebengu, ethi lezi zikhungo ezintsha zizothuthukisa amandla ombutho wamaphoyisa iSouth African Police Services okucubungula ubufakazi ngokushesha, kwenziwe ngcono uhlelo lwezobulungiswa, kanye nokulwa nobugebengu ngempumelelo.
OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uzokhipha izibalo zobugebengu zekota
“Sifuna ukuthuthukisa ukusebenza kahle kwemisebenzi yethu yophenyo esiyithatha njengebucayi futhi inomthelela ngqo kumsebenzi wamaphoyisa,” kusho uMchunu.
“Emasontweni ambalwa azayo, sizobe sisayinda isivumelwano sokusebenzisana noMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe, oveze ukuthi uzimisele ngokuthi sifinyelele elebhu yabo e-CSIR.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

**mitolyn official**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.