
Usefikile eWashington DC uMengameli Cyril Ramaphosa namuhla ntambama, ohambweni lwakhe lomsebenzi.
Inhloso yokuhambela eMelika ukuvuselela ubudlelwano bamazwe amabili okuyiNingizimu Afrika ne-United States. Uhambo lukaRamaphosa luzobe lugxile kakhulu ekulungiseni ubudlelwano bamazwe amabili, ezomnotho nezohwebo.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uzothatha isikhathi sakhe ukuqoka inxusa elisha lase-US
NgoLwesithathu, lwangomhlaka-21 May 2025, uMengameli uzohlangana noDonald Trump eWhite House.
Ngokwesitatimende, uRamaphosa uzobe ehamba nongqongqoshe bakuleli okunguRonald Lamola oNgqongqoshe Wezobudlelwano Bamazwe Ngamazwe Nokubambisana, nguKhumbudzo Ntshavheni onguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMpho Parks Tau onguNgqongqoshe wezeHwebo noKuncintisana Kwemboni, uJohnSteenhuisen onguNgqongqoshe wezoLimo kanye noMcebisi Jonas Isithunywa esiyisipesheli e-United States of America.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
