UMalema ubuza ukuthi kungani amalungu e-AfriForum engakayi eMelika

Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ubuze ukuthi kungani amalungu e-AfriForum okuhlanganisa uKallie Kriel, Ernst Roets noGerrie Nel engazange alibhekise e-United States.

Lokhu kunjengoba i-AfriForum, okuyiqembu lamaBhunu, lisolwa ngokuthengisela i-US amanga, lithi abalimi abamhlophe eNingizimu Afrika bayizisulu zokuhlukunyezwa ngokohlanga kanye nokuthathwa komhlaba.

OLUNYE UDABA: Isifikile eMelika indiza yamaBhunu esuka kuleli

Lolu lwazi lwe-AfriForum olungamampunge seluholele ekutheni uMengameli waseMelika uDonald Trump anikeze abalimi abamhlophe abangamaBhunu indawo yokuyohlala e-US.

UMalema uthi iningi lamaBhunu amhlophe eNingizimu Afrika ngeke liphume kuleli ngoba lihlezi kahle.

“Kungani uKriel engayi eMelika? Ngoba uyena owathi abantu bayabulawa. U-Kriel kumele enze isibonelo aye eMelika.

“URoets kumele enze isibonelo aye eMelika. UGerrie Nel kumele enze isibonelo aye eMelika.

“Ngeke bahambe ngoba baphila impilo emnandi lapha eNingizimu Afrika ngoba uma beya eMelika basuke sebezoba amahobho ngokushesha.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *