Bangaphezu kuka-200 000 abaphila neHIV/AIDS abangasawadli ama-ARV eKZN

Bangaphezu kuka-200 000 abantu abaphila negciwane lengculazi KwaZulu-Natal asebayeke ukuphuza imishanguzo yabo.

Lokhu kudala inkathazo ngokuthi kungenzeka kunyuke izinga lokungazweli kwemishanguzo, ukugula kanye nokushona kwabantu okuyinto ebingagwemeka.

UMnyango wezeMpilo esifundazweni uthe babalelwa ku-1,5 million abantu abazinzile ekwelashweni ngezidambisigciwane (ama-ARV), kodwa wengeza ngokuthi uzama ukuthungatha nokubuyisela abantu abangu-117 616 ukuze bathole ukunakekeleka ekupheleni kwalo nyaka.

Lokhu kuyingxenye yomkhankaso kazwelonke othi “Close the Gap”, okuhloswe ngawo ukuthola abantu abazaziyo ukuthi baphila ne-HIV kodwa abangayiphuzi imishanguzo.

UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uNomagugu Simelane unxuse abantu ukuthi babuyele ekunakekelweni.

OLUNYE UDABA: I-SIU ibuyise u-R288m wezicelo ze-Covid 19

“Abanye abantu bayayeka ukuphuza ama-ARV abo ngoba bezizwa bengcono futhi becabanga ukuthi abasawadingi. Kodwa uma siyeka imishanguzo, izinkinga emzimbeni zingaba ningi, okwenza imithi ingabe isasebenza kahle,” kusho uSimelane.

Umnyango uthe isibalo esikhulu sabantu abangayitholi imishanguzo asihlangene nokwehliswa kwezimali nguhulumeni waseMelika.

Kunalokho, uSimelane usole ukukhathala kokwelashwa kanye nezindlela zokuphila ezifana nokuphuza amanzi ampnjwana ngokweqile.

INational Institute of Allergy and Infectious Diseases (NIAID) ezinze e-United States ithe abantu abanegciwane elingabonakali kusafanele baqhubeke nokwelashwa.

“Igciwane lilele emzimbeni. Uma uyeka ukwelashwa, igciwane liyaqala ukuziphindaphinda emzimbeni. Lokhu kwenza uzibeke engcupheni yokuphinda utheleleke futhi kunciphisa izindlela zokwelapha esikhathini esizayo,” kusho isikhungo.

Ucwaningo olwenziwa yiHuman Sciences Research Council ngo-2023 lwathola ukuthi isifunda saseMgungundlovu sinesibalo esiphezulu sabantu abanegciwane lengculazi KwaZulu-Natal njengoba singu-19.5%.

Isifundazwe sibe nesibalo sabantu abagulayo ngo-16%, sehle sisuka ku-18% ngo-2017.

Okhulumela uMnyango, uNtokozo Maphisa, uthe izinombolo zabantu abangayithathi kahle imishanguzo zisukela ngo-2004, kanti futhi bezishintshashintsha masonto onke.

USolwazi Salim Abdool Karim, ongumqondisi weCentre for the Aids Programme of Research in South Africa (Caprisa), uthe ukuyeka ukuthatha imishanguzo kuyingozi.

“Uma abantu beyeka ukuphuza imishanguzo, bazibeka engcupheni yokugula kakhulu. Abanye abalahlekelwa ukunakekelwa – bashintshashintsha imitholampilo. Kodwa abanye ukuyeka ukuthatha imishanguzo kufana nokuzibulala,” kudho uAbdool Karim.

I-Treatment Action Campaign (TAC) isinxuse umnyango ukuthi ubhekane nezinkinga ezimbalwa ekulweni nokwehluleka ukuthatha imishanguzo ngendlela efanelekile.

UXabisa Qwabe oyiMedia and Communications co-ordinator uthe i-TAC izibophezele ekubambisaneni nomnyango ukuze kutholwe iziguli ezingasayithathi imishanguzo yazo.

Uthe, ngemuva kokukhishwa kocwaningo olunzulu lohlelo lwezempilo esifundazweni, i-TAC ibisebenzisana kakhulu nomnyango ukwenza uhlelo oluphelele lokuthuthukisa isimo.

“Siyethemba ukuthi abasebenzi abahambisana nezinhlelo ze-HIV/Aids bazokwanda ukuze kubhekwane nenkinga eqhubekayo yezabasebenzi,” kusho yena.

TheWitness

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *