Umnyango wezokuthutha ulahlekelwa izindodla zemali kosonkontileka abehlulwa umsebenzi eKZN

UMnyango wezokuThutha eKZN uthi osonkontileka abahluleka ukufeza izithembiso zabo balahlekisele umnyango ngemali engu-R4.6 billion.

UNgqongqoshe walo Mnyango uSiboniso Duma uthi bangu-30 osonkontileka esifundazweni abahlulekile ukwenza imisebenzi ababeyabelwe kanti kubo babili asebemisiwe.

Uthi bathole ukuthi ezinye izinkampani ezanikezwa amathenda azinawo umlando wokuthi zibhalisiwe noma zike zamiswa ngaphambilini.

OLUNYE UDABA: Owezokuthutha eKZN uzosebenzisana nabamabandla ukuqinisekisa ezokuphepha ngePhasika

UNgqongqoshe uthi benza imizamo yokulandela umkhondo ukuze baqaphe ukuqaliswa kwazo zonke izinhlelo zomnyango, wengeza ngokuthi osonkontileka abahluleka ukuhlangabezana nezikhathi ezibuyekeziwe bazoxoshwa.

Ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesibili.

“ Izinga lokusalela emuva kwazo zonke izingqalasizinda kusamele liqhubeke kahle ngoba lenza umnyango ubukeke kabi. Umnyango unemsebenzi yokwakha esebenzayo engu-944.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *