Zimkhalele “owathumba usana, engafuni ukulahlwa yisoka”

african american infant baby lying on bed while mother hands pull baby up

Kuboshwe owesifazane waseThewkini ngemuva kokuthumba usana ngenhloso yokukhohlisa isoka lakhe

Ingane enamasonto amabili izelwe okusolwa ukuthi yathunjwa eThekwini itholwe iphephile kwabe sekuboshwa owesifazane oneminyaka engu-21 ubudala.

“Ukuqinisekisile ukuthi wathumba ingane ngemuva kokuphuphunyelwa yisisu ngomhlaka-24,” kusho inkampani yonogada ezimele iReaction Uniti South Africa(Rusa).

Lo wesifazane wahlangana nomama wengane emtholampilo wabe eseqhamuka necebo lokuthumba ingane ukuze isoka lakhe lingeke limlahle,” kusho abeRusa.

Ngemuva kokuthumba ingane, lo wesifazane wahambisa ingane esokeni lakhe eliseChesterville wafike waqamba amanga wathi ngeyakhe.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe iphoyisa nomabhalane ngelenkohlakalo eThekwini

Umsolwa utholwe ngabakwaRusa kungakapheli amahora ambalwa umama wosana ebabikele ngokuthunjwa kwengane.

Usana lutholakale lungenamyocu ngasenxanxatheleni yezitolo iWestville Pavilion ngezithuba zabo-9.15 ekuseni ngoMsombuluko.

Ngokusho kwabakwaRusa, ukufunwa kosana kuqale ngeSonto ebusuku ngemuva kokuba umama ethinte isikhungo esisebenza kwaRusa ngezithuba zabo-10 ebusuku ebika ngokuthunjwa kosana lwakhe.

“AbakwaRusa basabalalise imininingwane yengane elahlekile base bencinzwa indlebe abantu abangu-34 emahoreni angu-11 okuholele ekuboshweni kowesifazane nokutholakala kwengane,” kusho uRusa.

“Lo wesifazane kudingeke ukuthi akhishwe endaweni ngemuva kokuthi iqulu labantu lisabise ngokumbulala.”

Kuboshwe owesifazane kanti icala liphenywa uphiko olubhekele udlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi e-SAPS Cato Manor.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *