Obeyisoka likaMinnie Dlamini uchithe amahlebezi okungathembeki kwakhe

Isihlabani sakumabonakude uMinnie Dlamini usephinde wangundaba mlonyeni ngemuva kokuphuma kwezindaba ezithi usehlukene nesoka lakhe elingudokotela, uDktl Brian Monaisa.

Lezi zithandani ezamemezela ngokusemthethweno uthando lwazo oluvutha amalangabi enkundleni yezokuxhumana i-Intsagram ngoSuku Lwezithandani (Valentine’s Day)obekuyizinyanga ezimbalwa, zamemezele ngokuhlukana kwazo.

 Ukwehlukana kwalezi zithandani okuqinisekiwe nguBrian ngoMsombuluko, sekuqubule izinkulumo zokuqagela obekuzungeza namahlebezi okungathembeki kwezokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Ukhalelwe amasongo kaSigonyela “ogwaze wabulala owayeyisoka”

Ubudlelwano bukaMinnie noBrian lwahlaba umxhwele abantu abaningi eMzansi ngesikhathi lwethulwa ngasekuqaleni kuka-2025. Kusukela kwimigubho yokuzalwa, ukukhiphana nokunye okuhle abebekwenza njengezithandani, laba bobabili bebengahlukaniseki.

Yize kunajalo, kuqubuke uthuthuva ngasekupheleni kukaMarch lapho abalandeli abebehlezi bethe njo kulezi zithandani babona ukuthi zombili lezi zithandani sezisuse izithombe zomunye nomunye kuma-akhawunti enkundla yezokuxhumana i-Instagram zayeka nokulandelana.

UBrian enkundleni yezokuxhumana i-X wachaza isizathu sokuhjlukana kwabo phezu kwalokho waziphika izinsolo zokujolelana.

UBrian ubhale kanje ku-Instagram ngenhloso yokuqeda amahlebezi athi uMinnie ubengathembekile kubudlelwano babo.

SundayWorld

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *