
INkantolo eNkulu yaseKapa izolalela isicelo esiphuthumayo sokumisa ukunyuswa kwe-VAT.
IDemocratic Alliance (DA) kanye ne-Economic Freedom Fighters (EFF)baletha lesi sicelo.
Zombili izinhlangothi ziphonsela inselelo ukuba semthethweni kokwenyuka kwe-VAT, okumenyezelwe njengengxenye yohlaka lwezimali olubuyekeziwe.
Amaphaphu aphezulu, isimo sishube kakhulu kuHulumeni Wobumbano Lwesizwe (Government of National Unity-GNU) mayelana nokungahambisani kwe-DA neSabelomali.
Lokhu kuphakamisa ukukhathazeka ngokuthi uHulumeni Wobumbano Lwesizwe angase abe sengcupheni uma izingxoxo zingahlangani.
Ukwenyuka kuzokwenza izinga le-VAT lifinyelele ku-15.5%.
Ukwenyuka kwe-VAT kuhlelelwe ukuthi kuqale ukusebenza ezinsukwini eziyishumi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit
