
ISekela likaMengameli uPaul Mashatile lithi alikhathazekile ngokuphepha kwalo ngoba livikeleke ngendlela eqondile njengoba amaphoyisa eseqale uphenyo ngesigameko sokudutshulwa kwezimoto zakhe.
Isigameko okuthiwa senzeke ngesikhathi elibangise ekhaya emasontweni edlule ephuma emhlanganweni we-NEC ye-African National Congress (ANC) eBoksburg eGauteng.
UMashatile ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokuhambela inkonzo yaKwaSizabantu KwaZulu-Natal, ngeSonto.
OLUNYE UDABA: uMashatile ugxeka isenzo sonogada bakhe
“Okwenzeka, ukuthi njengoba ngangisuka ku-NEC, imoto yami yashayiswa into engangicabanga ukuthi ngamatshe ekuqaleni, sathi sifika ekhaya, unogada wami wathi umthelela wayo mkhulu kakhulu, bafuna ukuyoyihlola ngoba uyazi ukuthi i-bullet proof windscreen inamandla kakhulu ukuthi ingalimala yingakho benza uphenyo,” kusho uMashatile.
UMashatile wengeze ngokuthi imbangela yalesi sigameko ayikaziwa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
