Kulindeleke ukuba sikhule isibalo sezimoto emgwaqeni emikhulu yakuleli

Iziphathimandla ziphume ngobuningi bazo njengoba izinkulungwane zilungiselela ukufulathela isofundazwe saseGauteng ngempelasonto yePhasika.

Izikhulu zinethemba lokuthi zizokwehlisa izinga lokushona kwabantu emigwaqeni okwenzeka minyaka yonke.

Iziphathimandla zikhiphe izexwayiso eziqinile ezithi bazoboshwa abantu abawela imgigwaqo emikhulu ngezinyawo.

OLUNYE UDABA: I-KZN yethula umkhankaso wePhasika wezokuphepha emgwaqeni

NgePhasika eledlule, lesi sifundazwe saba nabantu ababalelwa ku-60% abashona bewela imigwaqp emikhulu.

Abomthetho baphinde baxwayise ngokushayela uphuze amanzi amponjwana, izimoto ezihamba ngesivinini esiphezulu nezimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqeni.

Abomthetho eMpumalanga bethule umkhankaso wesifundazwe i-Easter Weekend Road Safety Campaign eMbombela.

Angaphezu kuka-600 amaphoyisa omgwaqo azotshalwa kuso sonke isifundazwe ukuze aqaphe ukuhamba kwezimoto eMpumalanga.

UNgqongqoshe wezokuPhepha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi uJackie Macia uthi ukushayela budedengu ngeke kubekezelelwe.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *