UMapisa-Nqakula uhlulekile ukuthola okunye okuqukethwe yidokodo ecaleni lakhe lenkohlakalo

OwayenguSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula uhlulekile emzamweni wakhe wokuphoqa umbuso ukuba udalule ngokugcwele okuqukethwe yidokodo ecaleni lakhe lenkohlakalo.

INkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, ikhiphe isinqumo sayo ngoLwesihlanu, kulandela iziphakamiso ezethulwe ngabamangalelwa kanye nombuso, eziphikisa isicelo sakhe.

Lowo owayenguSomlomo, ongaphandle ngebheyili ka-R50 000, ubhekene namacala angu-12 enkohlakalo nelilodwa lokushushumbisa imali.

OLUNYE UDABA: Inkantolo izokhipha isinqumo mayelana nesicelo sikaMapisa-Nqakula sokuthola i-diary yophenyo ecaleni lakhe

La macala ahlobene nezinsolo zokuthi, ngesikhathi engungqongqoshe wezokuVikela kusukela ngoJune 2012 kuya ku-August 2021, wacela futhi wathola intshontsho lika-2 million wamarandi  kuSonkontileka, uNombasa Ntsondwa-Ndhlovu.

UMapisa-Nqakula ufuna kudalulwe amadokodo.

UMapisa-Nqakula ucele ukungena eSigabeni B no-C sedokodo, esinemibiko yangaphakathi ne-diary yophenyo. Isigaba A ngokuvamile siqukethe ubufakazi.

TheCitizen

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *