
INkantolo eNkulu yasePitoli kulindeleke ukuthi yethule isinqumo mayelana nesicelo sikalowo owayenguSomlomo wePhalamende, uNosiviwe Mapisa-Nqakula sokudalula okunye ecaleni lakhe lenkohlakalo.
UMapisa-Nqakula ubhekene namacala enkohlakalo nokushushumbisa imali.
Kusolwa ukuthi ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezokuVikela, uMapisa-Nqakula wacela futhi wathola intshontsho lika-R4.5 million kosonkontileka.
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo owayenguSomlomo wePhalamende
UMbuso usudalule izigaba A no-B zedokodo lamaphoyisa elibhekene noMapisa-Nqakula. Yize kunjalo, uthe awuzimisele ngokudlulisela isigaba C sedokodo okuyincwadi yamaphoyisa ophenyo.
Kubikwa ukuthi isigaba C sedokodo liqukethe izinsuku lapho amaphoyisa aqala khona ukuphenya uMapisa-Nqakula, lapho ehlangane nofakazi, neminye imininingwane emincane.
Ngesikhathi egcina ukuvela enkantolo, inkantolo yalalela isicelo sikaMapisa-Nqakula sokudalulwa kwezingxenye ezengeziwe zedokodo lamaphoyisa, okuyinto umbuso owazichaza njengeziyimfihlo.
Abameli bakaMapisa-Nqakula bathi uMbuso kungenzeka ufihle imininingwane engakhulula ikilayenti labo.
Ungaphandle ngebheyili ka-R50 000.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
