
Nakuba isimo senkampani ekhiqhiza ushukela kuleli singacaci ukuthi sibhekephi kodwa kuqaliwe ukuvulwa kokugaywa komshini kashukela, ngesonto eledlule kuvulwe ngokusemthethweni iMaidstone Mill.
Kwathi kulelisonto kwavulwa iMatiguli Mill, nalapho kubonakala abasebenzi bebuyelwa ithemba ngokuqhubeka kokusebenza kwaleNkampani ebhekene nenkinga yokuvalwa.
Udaba lwayo luzobuyela eNkantolo mhlaka 17 June 2026 nalapho kuzocaca ukuthi ngabe lemboni iyaqhubeka yini nokusebenza.
OLUNYE UDABA: Isifikile i-Africa Travel Indaba eThekwini
ITongaat Hullets iqale ukuhlaselwa izinkinga ngonyaka ka 2022 okuyilapho yafakwa ngaphansi kwe Business Rescue nokuholele ekutheni abebebhekwe ukuthi beyihlenge lenkampani behlulekile.
Igcine isifakwa ngaphansi kohlelo lweLiquidation, uhulumeni wakuleli uzamile ukufaka isandla ukulekelela lenkampani ukuthi iqhubeke isebenze njengoba imali yokugcina ayifakile kube R200 Millions.
Isinqumo seNkantolo isona esocacisa ngekusasa leTongaat Hullets Mhlaka 17 June 2026.
