Uphenyo ngokushona kuka-Anele Tembe luzoqhubeka enkantolo yaseKapa

Uphenyo ngokufshona kuka-Anele Tembe, ingoduso yomrepha ongasekho emhlabeni, uKiernan “AKA” Forbes kulindeleke ukuthi luqale namuhla eNkantolo yeMantshi yaseKapa.

Icala lahlehliswa ezinyangeni ezintathu ezedlule.

UTembe wawa esuka esitezi seshumi ehhotela eKapa ngesikhathi eno-AKA ngo-April 2021.

OLUNYE UDABA:

Icala langena ngo-April ukuqinisekisa ukulungela kwabo bonke abathintekayo ngaphambi kokuhlala kwecala.

Ngesikhathi uTembe eshona, imininingwane ephathelene nokushona kwakhe yayingacacile. I-National Prosecuting Authority (NPA) iqinisekise ukuthi kulindeleke ukuba ofakazi abayisithupha bafakaze ezinsukwini ezibekiwe.

Okhulumela le khomishana, u-Eric Ntabazalila, uthi imiphumela yophenyo izonquma indlela eya phambili yokuthi lolu daba luzoqhutshekiswa kanjani phambili.

UNtabazalila uthi imiphumela yophenyo ingadluliselwa kwi-NPA ukuze ithathe isinqumo.

SABC