
Njengoba iqhubeka imibhikisho yenhlangano emelene nokufuduka ngokungemthetho, iMarch and March ezweni lonke, ochwepheshe baxwayisa ngomthelela wabantu bakwamanye amazwe abafulathela iNingizimu Afrika.
Isazi sezomnotho uDawie Roodt uthe kube nomthelela ngosuku lwemibhikisho yeMarch and March ezweni lonke ngomhlaka-30 June ngenxa yokuvalwa kwezitolo, kodwa umphumela uzoba mkhulu ezinyangeni noma eminyaka ezayo.
“Labo bantu bakwamanye amazwe abahambile ezweni, kungaba abebelapha ngokusemthethweni noma ngokungemthetho, kungenzeka ukuthi bafake kakhulu isandla emnothweni kunalokho abakuthatha kuwo, ngalokho kuwukulahlekelwa kithi. Ngeke sazi umthelela wangempela emnothweni, kodwa sizokhokha intengo yalokhu isikhathi eside, ikakhulukazi emnothweni olwela ukukhula,” esho.
Umhlaziyi wezepolitiki uPiet Croucamp uthe okwenzekile kwasakazwa emhlabeni wonke jikelele kanti futhi “kuveza isithombe seNingizimu Afrika njengomphakathi ongabekezeleli nonobudlova, nokuyinto esiyiyo thina.”
OLUNYE UDABA: “Zisaqhubeka nokusebenza izitolo zabokufika abangenazo izincwadi”
UCroucamp uthe ngokuphambene nenkolelo evamile, uma abantu bakwamanye amazwe abaningi behamba, izinkulungwane zabantu baseNingizimu Afrika zizosala zingasebenzi ngoba beziqashwe yibo abantu bakwamanye amazwe.
“Uma behamba emalokishini, intengo yesinkwa nokudla kanye nezimpahla kanye nezinsizakalo izokhuphuka. Bebekwazi ukugcina amanani ephansi,” enezela.
Isikhulu esiphezulu se-Organisation Undoing Tax Abuse uWayne Duvenage uthe ukubuya kwezinkulungwane zabokufika ngokungemthetho kanye nabathobela umthetho emazweni angomakhelwane kuzoshiya isikhala futhi kuzodala izikhala ezimbonini ezahlukene, ngethemba lokuthi kuzoholela ekuqashweni kwabantu baseNingizimu Afrika ezinyangeni ezizayo.
