
INkantolo Ephakeme yaseThekwini namuhla ilalele ukuthi kwenziwa amaqembu ka-WhatsApp angu-164, ukuhlanganisa nokugqugquzela udlame ngesikhathi sezidubedube zangoJuly 2021.
Lokhu kudalulwe wuMbuso ecaleni lendodakazi kaMengameli wangaphambilini uJacob Zuma, uDuduzile Zuma-Sambudla, eliqale ukuqulwa namuhla kunguMsombuluko eNkantolo Ephakeme yaseThekwini.
UZuma-Sambudla uwaphikile amacala obuphekula kanye nokugqugquzela ukwenza udlame lomphakathi okuhlobene nezidubedube ezabangelwa ukuboshwa kukayise uJacob Zuma.
OLUNYE UDABA: UZuma-Sambudla uwaphikile amacala njengoba elezibhelu zikaJuly 2021 liqala ukuqulwa eThekwini
Izidubedube abgoJuly 2021 nokutasthwa kwempahla ezitolo kweza ngemuva kokuboshwa kukaZuma ngokwedelela inkantolo, okwaholela abalandeli bakhe ukuba bafune ukuba adedelwe ngoJuly 2021.
UZuma-Sambudla usolwa ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhuthaza udlame lomphakathi. Lolu dlame lwadlula nemiphefumulo engaphezu kwengu-300 kanti futhi kwadala umonakalo owabangela ukuba kulahleke izigidi zmarandi emnothweni.
