UMasipala we Theku uhlole olwe Go Durban

Umaspala weTheku uthi wenza konke okusemandleni  ukuqinisekisa ukuthi uhlelo lwamabhasi i-GO!Durban luphephile,futhi lukulungele ukusebenza.  Lesi sigaba sivumela iDolobha kanye nabalingani balo abasebenzayo ukuthi bahlole yonke ingxenye yohlelo ndawonye,

Lokhu kuza njengoba UMasipala usuqalile ukuhlola nokulungisa umzila we-GO!Durban Corridor 3 (C3) phakathi kweBridge City nePinetown nalapho uhlose ukubheka izinkinga ukuze basheshe bazixazulule ngaphambi  kokuba umgibeli wokuqala angene ebhasini..

Lesi sigaba silandela ukuvunywa kwezinhlelo zebhizinisi nezokusebenza ze-GO!Durban ngomhlaka-1 Septhemba 2026 kanye nokusayinwa kwesivumelwano senqubo ye-GO!Durban C3 nabamele imboni yamatekisi  namabhasi. Kanti umaspala uthi ukuhlolwa nokulungiswa kuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda, amabhasi, ubuchwepheshe kanye nezinhlelo zokusebenza zisebenza ngendlela okuhlosiwe, ngayinye yodwa kanye njenge-network ehlangene.

UMqondisi woPhiko lwezokuThutha kumaspala i, uNks Nelisiwe Zama, uthi I-C3 izoba umzila wokuqala we-GO! Durban kanti unxuse izakhamuzi nabasebenzisi bomgwaqo ukuthi baqaphele amabhasi ehamba ngomzila we-C3 kanye nasemigqeni ebekelwe amabhasi kwazise uthi ayivunyelwe ukusetshenziswa ezinye izimoto noma abahamba ngezinyawo kanti kuzohlolwa umzila ngaphambi kokuqala ukusebenza ngo December.

UZama uthi abashayeli kufanele balalele zonke izimpawu  zomgwaqo, futhi baqaphele kakhulu ezimpambanweni zomgwaqo kanye nalapho bejika, njengoba amabhasi azobe  ehamba ngemigqa ebekelwe wona.