
Umqeqeshi we Cape Town City uMuhsin Ertugral ukhale ngezinqumo ezingezinhle kahle ezithathwe unompempe ngesikhathi bethola isibhaxu sika 2-1 beshaywa eZimnyama enkundleni Orlando Stadium ngomngqibelo.
Kulomdlalo iCape Town City iyona evalele kuqala igoli elishaywe uHashim Domingo,uMuhsin uthi kunezikhawu lapho khona abadlali bakhe beshaywe ngembazo abadlali bePirates kodwa uLuxolo Bade konke lokho wakushaya indava wangajaja, u-Ertugral ukhala kakhulu ngokuthi unompempe Kanye nabasizi bakhe bahlulekile ukuvikela abadlali bakhe kakhulu kazi laba ebebeyingozi kweZimnyama.
Emidlalweni emihlanu edlule iCity ayikaze inqobe ngisho umdlalo owodwa kanti kulelisonto mhlaka 02 March 2025 bazotholana phezulu naMazulu fc.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
