Seluliwe isikhathi sokushintsha amakhadi akwa-SASSA

Umnqamulajuqu wokuthi abathola izibonelelo zikahulumeni bashintshe amakhadi abo egolide e-South African Social Security Agency (SASSA) selulelwe kuze kube wumhlaka-30 April 2025.

UNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshavheni wenze lesi simemezelo ngoLwesine ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngomhlangano weKhabhinethi wangosuku olwedlule.

UNtshavheni uchaze wathi lokhu kwenzelwa ukuba kuqedelqe abantu abangu-800 000 abasalile ngesikhathi kushintshwa amakhadi.

OLUNYE UDABA: Kusetshenziswe imali eningi ukushintsha amakhadi akwa-SASSA

“Lo mnqamulajuqu wenziwe ngenhloso yokuvumela abakwa-SASSA naboMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukuthi baqedele ukushintsha amakhadi alabo abasala.”

UNtshavheni uphinde wamemezela ukuthi iPostbank isifeze imigomo eyisishiyagalombili kweyisishiyagalolunye yeBhange Lombuso laseNingizimu Afrika ukuze kukhokhelwe izibonelelo zikahulumeni kanti okokugcina obekufuneka yikho ukushintshwa kwamakhadi.

Umnqamulajuqu wokuqala wokushintsha amakhadi ubungoLwesine olwedlule, kulandela ukwelulwa kwangaphambili kusukela ngomhlaka-28 January 2025.

Ungqongqoshe uthe,”Bonke abangakawashintshi amakhadi abo bangavakashela emapPosini, izitolo zendawo noma amahhovisi akwa-SASSA. Uma bengakwenzi lokhu noma uma abazali babo noma abantu abadala bengawashintshi amakhadi, basazoyithola imali yabo yesibonelelo sikahulumeni kodwa kuzobaphoqa ukuba bavakashele amahhovisi akwa-SASSA ukuze bayithole.”

NgoMsombuluko, iPostbank ikuqinisekisile ukuthi isisize abantu abalinganiselwe kwabangu-1.4 million ebantwini abangu-2.8 million abathola izibonelelo zikahulumeni asebeshintshele emakhadini amasha. amnyama.

Ngokombiko weJacarandaFM okhulumela iPostbank uBongani Diako wengeze ngokuthi abathola izibonelelo zikahulumeni bangavakashela ezitolo ezikhethiwe zakwaShoprite, Checkers, Usave, Pick n Pay, noma zakwaBoxer ukuze bashintshe amakhadi abo.

UDiako uphethe ngokuthi,“Bonke abathola izibonelelo zikahulumeni abangakawatholi amakhadi amasha bona bazohola ngomazisi babo kunoma yiliphi igatsha lasePosini ezweni lonke.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *