
Kushone abantu abathathu, ababili kubo bashe bangqongqa engozini ephakathi kweveni neloli ku-N3 KwaZulu-Natal namuhla ekuseni.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uSiboniso Duma uqinisekise ukuthi ingozi yenzeke cishe ngezithuba zabo-09:10 ekuseni.
“Ngemva nje kwezithuba zabo-9:30 ekuseni, ngithole umbiko ovela ku-RTI ngale ngozi ebandakanya iveni neloli,” kusho uDuma.
Ingozi yenzeke ku-N3 Eastbound (Durban-bound) phakathi kwebhuloho i-M13 kanye ne-off-ramp yaseShongweni.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe inqwaba yabashayeli ngamacala okuphula imithetho yomgwaqo eKZN
UDuma uthe iveni kuthiwa belihamba ku-Westbound libheke ePietermaritzburg lapho umshayeli ehlulwa ukulilawula layoshayisana neloli ebelibheke eThekwini.
Ngokusho komshayeli weloli, iveni liqhamuke lindiza lisuka emzileni ophambene ladlula phakathi nendawo lashayisa iloli.
Iveni libe seliphephuka layoshayisa izindonga maqede lashayisa abasebenzi abahlanu benkampani yakwa-WBHO abebesebenza endaweni.
“Iveni libe seliqgamuka ilangabi, kwasha kwangqongqa abantu ababili abebesevenini. Ngandlela thile, oyedwa waphonseka ngaphandle kwemoto,” kusho uDuma.
Kulabo abathathu ababesemotweni, ababili bashonele ngaphakathi emotweni. Umshayeli weloli wahluleka ukulilawula ngesikhathi evika iveni, nalo layongena eweni ohlangothini olubheke eMgungundlovu, cishe ngamamitha angu-100 ukusuka emgwaqweni.
Umshayeli weloli uthole imihuzuko emincane kuphela.
UDuma uthe, “Kuyishwa ukuthi le ngozi yenzeke ngemuva kokuba sesiziqophe ukwehla kwesibalo sabantu abashone ezingozini.”
