Lisengcupheni ikusasa lomqeqeshi weMamelodi Sundowns

Abalandeli beMamelodi Sundowns sebenxuse izikhulu zeDowns ukuthi zikhombe indlela uMiguel Cardoso ngemuva kokuhluleka ukunqoba isicoco seCAF Championship League nalapho beshaywe khona ngo3-2 sekuhlanganiswe yomibili imidlalo.

UCardoso usolwa kakhulu abalandeli beDowns ngokungamsebenzisi uThemba Zwane kule midlalo nokumuntu okhombisa ukuba semandleni okumelana nengcindezi kwizinkunzi zaseGibhithe njengoba wabonakala bedlala neAl Alhy.

OLUNYE UDABA:Ivuke ngemizuzu yokugcina iPyramids kwiDowns

Akwaziwa ukuthi ngabe uCardoso uzoqhubeka yini nokucija iDowns njengoba abalandeli ezinkundleni zokuxhumana bewotha ubomvu ngalo mqeqeshi abakhala ngesitayela sebhola alidlalisa kwiSundowns.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEd

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *