
Icala elibhekene nomshayeli wengozi yetekisi elithutha izingane zesikole eVaal lihlehliselwe umhlaka-22 April.
U-Ayanda Dludla uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseVanderbijlpark namuhla.
UDludla ubhekene namacala angu-14 okubulala, amacala amathathu okuzama ukubulala kanye necala lokusebenzisa imoto ngaphandle kwesitifiketi sokufaneleka, phakathi kwamanye.
Le ndoda eneminyaka engu-22 ubudala ngaphambilini yakhetha ukuyilaxaza ibheyili yayo.
OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo umshayeli wengozi eyadlula nemiphefumulo yezingane eVaal
Izingane eziyishumi nane zashona zilibangise esikoleni ngesikhathi imoto ezazihamba ngayo ishayisana neloli ngoJanuary.
Kuthiwa uDludla wadlula izimoto eziningana esebenzisa umzila wezimoto e ngaphambi kwengozi.
Iziphathimandla zaseGauteng zathembisa ukuthi izimoto ezihluleka ukulandela imithetho yokuphepha zizosuswa emigaqweni.
