Liloliwe izembe kuChivaviro weKaizer Chiefs

Umdlali weKaizer Chiefs uRanga Chivaviro ziyaqina ezokuthi engase ehambe kuMakhosi uma kuphela isizini ka-2024 /25.

Lo mdlali kuzokhumbuleka ukuthi ufike kwiChiefs ngonyaka ka-2023 nalapho ubesuka kwiMarumo Gallants owayenza kahle kakhulu kuyona njengoba wabashiya ebashayele amagoli angu-17.

Amakhosi athatha isinqumo sokumsayinisa.

OLUNYE UDABA: Kuzophazamisela ukuqukulwa kwendebe yeMotsepe Championship ngenxa yamacala

Ngesizini yakhe yokuqala efikile eNaturena uChivaviro ushaye amagoli amane kuphela nokwenza ukuthi iChiefs iqede endaweni yeshumi ngesizini edlule.

Ngesikhathi kufika umqeqeshi omusha kwiChiefs uNassridine Nabi abalandeli bebenethemba lokuthi lomdlali uzothuthuka esize leli qembu kodwa izinto zangahamba kahle.

Kuzokhumbuleka ukuthi kuqala isizini uvalele amagoli amahlanu ngemuva kwalokho izinto zabheda kakhulu kulo mdlalo nokuseku nokungabaza ukuthi lomdlali inkontileka yakhe ivuselelwe kwiChiefs njengoba izophela ngenyanga ezayo.

Andile “Andizo” Mthembu

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

One thought on “Liloliwe izembe kuChivaviro weKaizer Chiefs

  1. **mitolyn**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *