
UMasipala waseThekwini ulindele izivakashi ezingaphezu kwezingu-1.2 million kule mpelasonto yePhasika. IMeya yalo mkhandlu, uCyril Xaba, ithe balindele ukuthi izivakashi zifake imali engaphezu kuka-R2.6 billion emnothweni wedolobha.
IMeya iphnde yathi kulindeleke ukuba izindawo zokulala zibe ngu-62% ukugcwala kuphinde kudaleke namathuba emisebenzi alinganiselwe kwangu-16 000.
Imindeni evakashela leli dolobha kuleli Phasika ingalindela izinhlelo zamaholide ezimnandi zezingane, ezindaweni okubalwa kuzo iShaka Marine Theme Park, eMitchell Park Zoo kanye naseDurban Botanic Gardens.
“Okunye okubajabulisayo ukuthi wonke amabhishi okubhukuda angu-23 azobe evuliwe futhi ephephile ukubhukuda.”
UXaba uthi ngaphezu kwePhasika nezinhlelo zalo, iDolobha liphinde lahlela ikhalenda yemicimbi yonyaka wonke ehlose ukusekela umfutho wezokuvakasha. Imicimbi emikhulu ebala umcimbi wama-Metro FM Music Awards ozokwenzeka ngomhlaka-25 April, kanti amathikithi aseyatholakala eComputicket.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke izivakashi ezingaphezi kuka-1.3 million kula maholidi eThekwini
Lokhu kuzolandelwa yi-Africa’s Travel Indaba kusukela ngomhlaka-11 kuya kumhlaka-14 May, nokuwumcimbi ozoletha izikhulu ezingaphezu kwezingu-10 000, okuhlanganisa abadayis nabathengi. Sibheke phambili futhi ekwamukeleni izinkulungwane zezivakashi emicimbini yethu eyaziwayo emhlabeni wonke njenge-Comrades Marathon, i-Hollywoodbets Durban July, i-Disney on Ice, ikhonsathi ye-UB40, i-Gas Motor Show kanye ne-Durban International Marathon, konke kuyaqhubeka nokubeka iTheku njengendawo ehamba phambili yemicimbi.
IMeya ithi ezokuphepha izobe ziqinile njengoba engaphezu kuka-10 000 maphoyisa azobe esebenza kulo lonke iTheku. Amaphoyisa azobonakala emigaqweni emikhulu, kuqashwe nabantu abahamba ngezinyawo kanti kwezokuthutha umphakathi izimoto ezingakulungele ukuba semngaqweni zizokhishwa. Kuzokwenziwa nezivimbamgwaqo ezingaphezu kwezingu-20 kuphinde kusetshenziswane nosomatekisi ukuqwashisa ngezokuphepha kulama holidi ePhasika.
Konke lokhu kuzokwenzeka ngokubambisana kwamaphoyisa akwaMasipala, yi-SAPS, ezokuphepha ezizimele, awomgwaqo aKwaZulu-Natal Road Traffic Inspectorate (RTI) nabaseMnyangweni wezaseKhaya.
Amaphoyisa azoqapha lokhu, kanye neminye imibuthano yesonto eyenzeka kulo lonke idolobha aphinde asize ekulawuleni isiminyaminya lapho kudingeka khona. Izitolo ezinkulu nezindawo zokuvakasha nazo zizoqashwa ngesolokhozi ukuqinisekisa ukuphepha kwamakhasimende.
